Njengoba kushiwo ukuthi yizinkundla zokuxhumana, akuzona izindawo ezizohlala zikhona kuze kube phakade okwencwadi, zinganyamalala noma yinini. Lezi zinkundla zokuxhumana zingamabhizinisi, amabhizinisi ayahamba aphele uma engasenzi imali. Kuyoba njalo ko-Facebook no-Twitter njengoba nano-MXit wodumo wahamba waphela. Ngokwami ngibona abantu ababona ukuthi uma abantu bebhala izinto ezingekho noma ezingasile ezinkundleni zokuxhumana, bacabange ukuthi leyo nkundla yokuxhumana kumele yenze okuthile ukukhuza loko ukuthi kwenzeke. O-Mark Zuckerberg nabaphathi be-Twitter bahlangane kanjani no-AWB, no-Nonhle Thema kumbe abanye abacwasanayo ezinkundleni zokuxhumana? Noma mhlawumbe kuthiwa bahlangene ndlela thizana nepolitiki, ekugcineni yibo abaphethe ibhizinisi labo eliyinkudla yokuxhumana, hhayi wena. Ezinye izinkundla zokuxhumana sezabaluleka ukudlula izinhlelo zezindaba namaphephandaba ekuthengiseni. Loku ekuthiwa yizinkundla zokuxhumana njengo-WhatsApp, Twitter no-Face...