Skip to main content

Posts

Showing posts with the label ezenkolo

Umusuka wehlane ngabantu...

Minyakana eyadlula uNyazi lwezulu (iNkosi yoShembe) yathi izitabani yizo ezidala isomiso. Ngeke ngikhulume okuningi ngempilo yezitabane, angikaze ngaxabana nazo kodwa ngizosho okukwodwa: Akuzona izitabane ezidala isomiso phecelezi, kwona ukunakana nomuntu wesilisa umenze umuntu wesifazane kudala isomiso ukudlula izitabane. Niyongibuka kabi nina enithanda ukuphatha abantu, nidlale ngabo imidlalo yenu kepha kuyiqiniso. Uyobona ukuthi izomiso zivamise ukwenzeka uma kuhlanganiswa abantu abangahlangani kumbe abaphila izimpilo ezingafani. Funda kahle lapha mufundi walebhulogi, ngike ngilenze ucwaningo lwaloku. Kukhona ihlane ngakumfula weMzimvubu elihlukanisa izwe leLembe nelamaMpondo, kukhona ihlane elihlukanisa izwe lama-KhoiSan namaXhosa, kukhona ihlane (i-Sahara) elihlukanisa amazwe awamaSulumane manyakatho ne-Afrika namazwe awabansundu. Ningasho ke ukuthi yinto ezenzekelayo lena, akusho ukuthi wumuntu wesilisa obethandana nomunye umuntu wesilisa, kuyenzeka futhi uma kukhona into efisw...