Minyakana eyadlula uNyazi lwezulu (iNkosi yoShembe) yathi izitabani yizo ezidala isomiso. Ngeke ngikhulume okuningi ngempilo yezitabane, angikaze ngaxabana nazo kodwa ngizosho okukwodwa: Akuzona izitabane ezidala isomiso phecelezi, kwona ukunakana nomuntu wesilisa umenze umuntu wesifazane kudala isomiso ukudlula izitabane. Niyongibuka kabi nina enithanda ukuphatha abantu, nidlale ngabo imidlalo yenu kepha kuyiqiniso. Uyobona ukuthi izomiso zivamise ukwenzeka uma kuhlanganiswa abantu abangahlangani kumbe abaphila izimpilo ezingafani. Funda kahle lapha mufundi walebhulogi, ngike ngilenze ucwaningo lwaloku. Kukhona ihlane ngakumfula weMzimvubu elihlukanisa izwe leLembe nelamaMpondo, kukhona ihlane elihlukanisa izwe lama-KhoiSan namaXhosa, kukhona ihlane (i-Sahara) elihlukanisa amazwe awamaSulumane manyakatho ne-Afrika namazwe awabansundu. Ningasho ke ukuthi yinto ezenzekelayo lena, akusho ukuthi wumuntu wesilisa obethandana nomunye umuntu wesilisa, kuyenzeka futhi uma kukhona into efiswa yisizwe esithile isifisela esinye isizwe ukuthi nokuthi kodwa leyonto ingenzeki. Ngingaqhubeka ngikhulume ngamahlane awakwamanye amazwe ahlukanisa abantu abahlukene ngosiko. Nakwona ukuhlangana nibe yisizwe nabantu abanizondayo kudala izomiso, ihlane iNamib ne-Karoo avela lapho kuhlangana izizwe ezingafani kanjani kanti? Ihlane phela lidalwa yisomiso, mini ngithi leso somiso sidalwa yisizwe ebesifisela okuthize kwesinye isizwe kwangenzeka bese uNkulunkulu wadala ihlane ukuze labo bantu behlukane bangahlukumezani.
We are all "Tu": In many, if not, most of the major indigenous languages in Africa, there's the "tu" suffix or "tu" in the body of the word meaning "a person" (NB: It can be spelt differently depending on accents, in some African languages it's "-du" & others "-tho".). " Tu " may be the best name for Africa collectively. Hausa: Person ~ Mu tu m Igbo: People ~ Ndị mma dụ Swahili: Person or people ~ M tu au wa tu Maybe Tu is too short a word to call a continent so we add the place name prefix "kwa" (meaning at/for) present in Swahili, Kinyarwanda, Zulu & other African languages to make Kwatu or KwaTu .