Skip to main content

Posts

Showing posts with the label eThekuwini

Umulando wendawo esekuthiwa yiseThek'wini.

Abacwaningi bempilo yasemandulo bathola ukuthi iTheku lalihlala abantu  eminyakeni engama-77 000 edlule.  Inkundla yebhola i-Moses Mabhida. Lendawo ekuthiwa yiseThekwini; ngokwomulando obhaliwe ngayo kwakuthiwa yiFenya kuphinde kuthiwe yisiBubulundu. Ngezikhathi zama-1550 kuthiwa amaPotukesi afelwa wumukhumbi endaweni ayibiza nge Natali (i-Port Natal) ngoba kwakuwuKhisimusi. Abika eMozambhikhi ukuthi kwakuhlala khona isizwe samaMbo (esekungamaHlubi) mihla efika ehamba ngezinyawo ekhashwa ngamabutho endawo.  Ngokuhamba kwezikhathi kwahlala amaMpofana , amaNqondo namaThembu (eminyakeni yama-1800).  ILembe layibiza indawo ngokuthi yikwa Khangela amankengane ngoba kwakuyikhona iSilo uShaka ayebheka khona umukhumbi wabelungu uma ufika. Kwase kwahamba kwathiwa yiTheku ngoba ime okwamasende enkunzi.  Igama elithi- Durban lisuka kumeya weTheku wokuqala ngaphansi kwomubuso wamaNgisi owayevela eFuransi, u-Benjamin d'Urban.