Abacwaningi bempilo yasemandulo bathola ukuthi iTheku lalihlala abantu eminyakeni engama-77 000 edlule.
Lendawo ekuthiwa yiseThekwini; ngokwomulando obhaliwe ngayo kwakuthiwa yiFenya kuphinde kuthiwe yisiBubulundu. Ngezikhathi zama-1550 kuthiwa amaPotukesi afelwa wumukhumbi endaweni ayibiza ngeNatali (i-Port Natal) ngoba kwakuwuKhisimusi. Abika eMozambhikhi ukuthi kwakuhlala khona isizwe samaMbo (esekungamaHlubi) mihla efika ehamba ngezinyawo ekhashwa ngamabutho endawo.
Ngokuhamba kwezikhathi kwahlala amaMpofana, amaNqondo namaThembu (eminyakeni yama-1800).
ILembe layibiza indawo ngokuthi yikwaKhangela amankengane ngoba kwakuyikhona iSilo uShaka ayebheka khona umukhumbi wabelungu uma ufika. Kwase kwahamba kwathiwa yiTheku ngoba ime okwamasende enkunzi.
Igama elithi- Durban lisuka kumeya weTheku wokuqala ngaphansi kwomubuso wamaNgisi owayevela eFuransi, u-Benjamin d'Urban.