Skip to main content

Kubaluleke kangakanani okusezinkundleni zokuxhumana?

Njengoba kushiwo ukuthi yizinkundla zokuxhumana, akuzona izindawo ezizohlala zikhona kuze kube phakade okwencwadi, zinganyamalala noma yinini. Lezi zinkundla zokuxhumana zingamabhizinisi, amabhizinisi ayahamba aphele uma engasenzi imali. Kuyoba njalo ko-Facebook no-Twitter njengoba nano-MXit wodumo wahamba waphela. 

Ngokwami ngibona abantu ababona ukuthi uma abantu bebhala izinto ezingekho noma ezingasile ezinkundleni zokuxhumana, bacabange ukuthi leyo nkundla yokuxhumana kumele yenze okuthile ukukhuza loko ukuthi kwenzeke. O-Mark Zuckerberg nabaphathi be-Twitter bahlangane kanjani no-AWB, no-Nonhle Thema kumbe abanye abacwasanayo ezinkundleni zokuxhumana? Noma mhlawumbe kuthiwa bahlangene ndlela thizana nepolitiki, ekugcineni yibo abaphethe ibhizinisi labo eliyinkudla yokuxhumana, hhayi wena. 

Ezinye izinkundla zokuxhumana sezabaluleka ukudlula izinhlelo zezindaba namaphephandaba ekuthengiseni.

Loku ekuthiwa yizinkundla zokuxhumana njengo-WhatsApp, Twitter no-Facebook, sekungamabhizinisi wokuthengisa. Abaphathi balamabhizinisi kumele benze imali, indaba yezikhalo zakho njengomuntu owasebenzisayo ifika kamuva. Ngize ngidabukele o-YouTube namahhovisi abo abawakhokhela ukuthi abasebenzi bahluze ukuthi yini okungafanele kube ku-YouTube nokufanele. Ngokubona kwami bazimoshela izigidi ngento engekho. Ukuba bengingaziqalela eyami ibhizinisi yenkundla yokuxhumana bengizozifanela no-Peperonity, umuntu nomuntu azibonele ukuthi uzithandela ukufakani ukuzazisa. Noma yiphi vidiyo, sithombe, culo, dokhumenti, ephu efiswa ukufakwa wumuntu osebenzisa inkundla yami yokuxhumana ngiyiyeke, ngaphandle okugcona mina noma okungigxekayo. 

Lezikhalo ngokubhaliwa noma okufakiwa ezinkundleni zokuxhumana ngizifanisa nokhalela kumuntu ofike wabeka iphepha elibhaliwe "Bhala noma yini" esigangeni bese wahamba. Umuntu obeke iphepha akasahlangene nokuthi kubhaliweni kulelo phepha noma kuwuyena owalibeka bese wabhala ukuthi "Bhala noma yini" njengesihloko. 

Popular posts from this blog

History of the Mpofana by Mthoko M. Mpofana

I'm not very traditional, I'm more straightforward & basic & often disregard cultural nuances so this history of the Mpofana tribe is going to be as direct & concise as possible.  Growing up, I grew up knowing that the clan praises or izithakazelo of the Mpofana are "Zulu" & "Ntombela", I never questioned that.  What I know now for sure is that there's a lot more that's hidden in history. What I keep seeing being repeated from various sources is that the Mpofana were part of the Amazizi (or AmaTiti) tribe. I now know that in the midlands & perhaps further north, up to the northwestern parts of KZN, they use the greeting "MaZizi okuhlala", perhaps alluding to the fact that the Mpofana as well as other Amazizi tribes were among the original tribes to settle in present-day KZN from 200 AD onwards & the "Dlamini" praise or greeting was used among all Dlamini tribes i. e. the Amahlubi, Amazizi (Mtiti), Hlangwini...

Why "KwaTu"?

We are all "Tu": In many, if not, most of the major indigenous languages in Africa, there's the "tu" suffix or "tu" in the body of the word meaning "a person" (NB: It can be spelt differently depending on accents, in some African languages it's "-du" & others "-tho".).  " Tu " may be the best name for Africa collectively.  Hausa: Person ~ Mu tu m Igbo: People ~ Ndị mma dụ Swahili: Person or people ~ M tu au wa tu   Maybe Tu is too short a word to call a continent so we add the place name prefix "kwa" (meaning at/for) present in Swahili, Kinyarwanda, Zulu & other African languages to make Kwatu or KwaTu .

African Renaissance

•  African automotive brands. •  African tech. •  African diet in 1500 BC. •  African invention & innovation. Bowuwazi? Repartition Africa