Skip to main content

Kubaluleke kangakanani okusezinkundleni zokuxhumana?

Njengoba kushiwo ukuthi yizinkundla zokuxhumana, akuzona izindawo ezizohlala zikhona kuze kube phakade okwencwadi, zinganyamalala noma yinini. Lezi zinkundla zokuxhumana zingamabhizinisi, amabhizinisi ayahamba aphele uma engasenzi imali. Kuyoba njalo ko-Facebook no-Twitter njengoba nano-MXit wodumo wahamba waphela. 

Ngokwami ngibona abantu ababona ukuthi uma abantu bebhala izinto ezingekho noma ezingasile ezinkundleni zokuxhumana, bacabange ukuthi leyo nkundla yokuxhumana kumele yenze okuthile ukukhuza loko ukuthi kwenzeke. O-Mark Zuckerberg nabaphathi be-Twitter bahlangane kanjani no-AWB, no-Nonhle Thema kumbe abanye abacwasanayo ezinkundleni zokuxhumana? Noma mhlawumbe kuthiwa bahlangene ndlela thizana nepolitiki, ekugcineni yibo abaphethe ibhizinisi labo eliyinkudla yokuxhumana, hhayi wena. 

Ezinye izinkundla zokuxhumana sezabaluleka ukudlula izinhlelo zezindaba namaphephandaba ekuthengiseni.

Loku ekuthiwa yizinkundla zokuxhumana njengo-WhatsApp, Twitter no-Facebook, sekungamabhizinisi wokuthengisa. Abaphathi balamabhizinisi kumele benze imali, indaba yezikhalo zakho njengomuntu owasebenzisayo ifika kamuva. Ngize ngidabukele o-YouTube namahhovisi abo abawakhokhela ukuthi abasebenzi bahluze ukuthi yini okungafanele kube ku-YouTube nokufanele. Ngokubona kwami bazimoshela izigidi ngento engekho. Ukuba bengingaziqalela eyami ibhizinisi yenkundla yokuxhumana bengizozifanela no-Peperonity, umuntu nomuntu azibonele ukuthi uzithandela ukufakani ukuzazisa. Noma yiphi vidiyo, sithombe, culo, dokhumenti, ephu efiswa ukufakwa wumuntu osebenzisa inkundla yami yokuxhumana ngiyiyeke, ngaphandle okugcona mina noma okungigxekayo. 

Lezikhalo ngokubhaliwa noma okufakiwa ezinkundleni zokuxhumana ngizifanisa nokhalela kumuntu ofike wabeka iphepha elibhaliwe "Bhala noma yini" esigangeni bese wahamba. Umuntu obeke iphepha akasahlangene nokuthi kubhaliweni kulelo phepha noma kuwuyena owalibeka bese wabhala ukuthi "Bhala noma yini" njengesihloko. 

Popular posts from this blog

History of the Mpofana by Mthoko M. Mpofana

I'm not very traditional, I'm more straightforward & basic & often disregard cultural nuances so this history of the Mpofana tribe is going to be as direct & concise as possible.  Growing up, I grew up knowing that the clan praises or izithakazelo of the Mpofana are "Zulu" & "Ntombela", I never questioned that.  What I know now for sure is that there's a lot more that's hidden in history. What I keep seeing being repeated from various sources is that the Mpofana were part of the Amazizi (or AmaTiti) tribe. I now know that in the midlands & perhaps further north, up to the northwestern parts of KZN, they use the greeting "MaZizi okuhlala", perhaps alluding to the fact that the Mpofana as well as other Amazizi tribes were among the original tribes to settle in present-day KZN from 200 AD onwards & the "Dlamini" praise or greeting was used among all Dlamini tribes i. e. the Amahlubi, Amazizi (Mtiti), Hlangwini...

A little about eSayidi ( Port Shepstone )...

Port Shepstone is a small town on the south coast of KwaZulu-Natal known by the locals as "eSayidi".  In Port Shepstone, attractions include; Port Shepstone Museum, the annual Sardine Rush, a mall, two shopping centres & the beach.  Port Shepstone was settled by British, Boers & Norwegian settlers during colonisation.  By Port Shepstone is the suburb of Marburg where it's said Emperor Shaka met with Henry Francis Fynn in 1828 after the Zulu's Mpondoland campaign in present-day Eastern Cape. Descendants of Norwegian settlers in KwaZulu-Natal include cricket all-rounder Lance Klusener & South Africa's most successful football coach Gordon Igesund.  Despite many groups living in Port Shepstone including those of east African, west African, southern African, Asian, Arab & American descent, it remains a Zulu-speaking town.  Famous names to come from this small town called Port Shepstone include:  • Naima Kay (Singer...

What would a white exodus in South Africa mean?

Alright, in my previous blog I mentioned a white & Indian exodus in South Africa. We already joke about white people leaving South Africa for Australia, England or Canada & finding the going tough then coming back to South Africa but what if they were to go to a country where everything would be comfortable for them & they would forget about South Africa. What would become of South Africa?  Farmers: We're led to believe that the majority of farmers in South Africa are white so that vaccum would have to be filled & frankly, I don't think the current crop of black farmers can fill the void so we may have to buy food from elsewhere in the world so food prices may increase more than they already have.  Skills exit: Some may claim a skills exit in South Africa would leave a vacuum that would be filled by indigenous black professionals & while that may be true, they'll need to obtain the experience that the former non-black people had. No racism: There would ...