Ngibona kukuhle ukulingana kwabantu, ngoba kwamina angiziboni ngimukhulu kunomunye umuntu. Anginawo amahloni kodwa ngibona kuba nenkinga uma kucwaswa noma kukhushulwa abantu kungenaso isizathu. Umuntu owenza izenzo ezinhle nezinkulu ezisiza abanye, vele kumele abonwe engcono. Ayikho inkinga lapho.
Ukucwasana nokubukela abanye phambili ngoba banesibongo esithile kuyona futhi kudala ukungazwani. Esikhathini samanje imishado sekuyinto engajwayelekile, umuntu angaba nesibongo ekungasona esayihlo. Nanoma lowo muntu ethi ubongela amadlozi awakubo, ubongela amadlozi ekungasiwo. Ngakho ke, ukusebenzisa izibongo ekuxhaseni abantu ngibona sekuyinto engekho esikhathini sanamuhlanje.
Thina, ekumele engabe siyakwenza wukubuka izenzo ukuthi umuntu kumele abe mukhulu kangakanani... Ngeke sikhuphule izephulamthetho namavila njengabantu ekumele babukelwe phambili yimiphakathi yesizwe bese sicabanga ukuthi kuzolunga. Engabe kuqanjwa amanga. Uma kwakhiwa izwe kubhekwa abenza imisebenzi esiza abantu. Uma kubukelwa osikhotheni beyinto ephambili, nakha isizwe sosikhotheni. Ayikho into enengqondo ngokubukela izigebengu njengabantu ekumele babe ngababukwayo emiphakathi noma bangaba nomusindo kangakanani, akubona abantu bokulinganiswa.