Skip to main content

Qaphela ukuthi unaka bani...

Ngibona kukuhle ukulingana kwabantu, ngoba kwamina angiziboni ngimukhulu kunomunye umuntu. Anginawo amahloni kodwa ngibona kuba nenkinga uma kucwaswa noma kukhushulwa abantu kungenaso isizathu. Umuntu owenza izenzo ezinhle nezinkulu ezisiza abanye, vele kumele abonwe engcono. Ayikho inkinga lapho. 

Ukucwasana nokubukela abanye phambili ngoba banesibongo esithile kuyona futhi kudala ukungazwani. Esikhathini samanje imishado sekuyinto engajwayelekile, umuntu angaba nesibongo ekungasona esayihlo. Nanoma lowo muntu ethi ubongela amadlozi awakubo, ubongela amadlozi ekungasiwo. Ngakho ke, ukusebenzisa izibongo ekuxhaseni abantu ngibona sekuyinto engekho esikhathini sanamuhlanje.

Thina, ekumele engabe siyakwenza wukubuka izenzo ukuthi umuntu kumele abe mukhulu kangakanani... Ngeke sikhuphule izephulamthetho namavila njengabantu ekumele babukelwe phambili yimiphakathi yesizwe bese sicabanga ukuthi kuzolunga. Engabe kuqanjwa amanga. Uma kwakhiwa izwe kubhekwa abenza imisebenzi esiza abantu. Uma kubukelwa osikhotheni beyinto ephambili, nakha isizwe sosikhotheni. Ayikho into enengqondo ngokubukela izigebengu njengabantu ekumele babe ngababukwayo emiphakathi noma bangaba nomusindo kangakanani, akubona abantu bokulinganiswa.

Popular posts from this blog

History of the Mpofana by Mthoko M. Mpofana

I'm not very traditional, I'm more straightforward & basic & often disregard cultural nuances so this history of the Mpofana tribe is going to be as direct & concise as possible.  Growing up, I grew up knowing that the clan praises or izithakazelo of the Mpofana are "Zulu" & "Ntombela", I never questioned that.  What I know now for sure is that there's a lot more that's hidden in history. What I keep seeing being repeated from various sources is that the Mpofana were part of the Amazizi (or AmaTiti) tribe. I now know that in the midlands & perhaps further north, up to the northwestern parts of KZN, they use the greeting "MaZizi okuhlala", perhaps alluding to the fact that the Mpofana as well as other Amazizi tribes were among the original tribes to settle in present-day KZN from 200 AD onwards & the "Dlamini" praise or greeting was used among all Dlamini tribes i. e. the Amahlubi, Amazizi (Mtiti), Hlangwini...

Why "KwaTu"?

We are all "Tu": In many, if not, most of the major indigenous languages in Africa, there's the "tu" suffix or "tu" in the body of the word meaning "a person" (NB: It can be spelt differently depending on accents, in some African languages it's "-du" & others "-tho".).  " Tu " may be the best name for Africa collectively.  Hausa: Person ~ Mu tu m Igbo: People ~ Ndị mma dụ Swahili: Person or people ~ M tu au wa tu   Maybe Tu is too short a word to call a continent so we add the place name prefix "kwa" (meaning at/for) present in Swahili, Kinyarwanda, Zulu & other African languages to make Kwatu or KwaTu .

African Renaissance

•  African automotive brands. •  African tech. •  African diet in 1500 BC. •  African invention & innovation. Bowuwazi? Repartition Africa